Acts 15:7 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Sebephikisene kakhulu, wasukuma uPetru, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi sekukade uNkulunkulu wakhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kuthe sebeludingide kabanzi, kwase kusukuma uPhethro, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi kade uNkulunkulu angikhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kwathi sekunempikiswano enkulu, wasukuma uPetru, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi nina ukuthi kusukela kudala uNkulunkulu wakhetha phakathi kwethu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakhulume izwi levangeli. kholwani.