Acts 16:27 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kwathi umgciniziboshwa ephaphama, wabona iminyango yetilongo ivulekile; wayesehosha inkemba efuna ukuzibulala, ngokuba wathi iziboshwa ziphunyukile.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Umgciniziboshwa esephapheme, wabona iminyango yejele ivulekile, wayesehosha inkemba efuna ukuzibulala, ngokuba wayecabanga ukuthi iziboshwa zeqile.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kwathi umgciniziboshwa ephaphama, ebona iminyango yetilongo ivulekile, wahosha inkemba yakhe, efuna ukuzibulala, ngokuthi iziboshwa zibalekile.