Acts 19:35 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha umbhali esebathulisile abantu wathi: “Madoda ase-Efesu, kukhona yini phakathi kwabantu ongaziyo ukuthi umuzi wase-Efesu ungumlondi wethempeli likaDiyana omkhulu nowesithombe esawa ezulwini na?
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kepha unobhala womuzi wabathulisa abantu, wathi: “Madoda ase-Efesu, ngubani lapha phakathi kwabantu ongazi ukuthi lo muzi wase-Efesu ungumuzi okugcinwe kuwo ithempeli lika-Artemisi omkhulu nesithombe esawa ezulwini na?
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kwathi umabhalane esezithulisile izixuku, wathi: Madoda ase-Efesu, ngumuphi umuntu ongazi ukuthi umuzi wabase-Efesu ungumkhulekeli kankulunkulukazi omkhulu uDiyana nowesithombe esawa kuJupiter?