Acts 24:14 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngeNdlela abathi iyihlelo ngiyamkhonza ngokunjalo uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiwe emthethweni nakubaprofethi;
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kepha ngiyakuvuma lokhu kuwe ukuthi mayelana neNdlela abayibiza ngokuthi wukuduka, ngikhonza kanjalo uNkulunkulu wokhokho, futhi ngiyakholwa yikho konke okulotshwe emthethweni nakubaphrofethi;
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngendlela abayibiza ngokuthi ihlelo, ngokunjalo ngiyamkhonza uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiweyo emthethweni nakubaprofethi;