Acts 26:16 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho; ngokuba ngibonakele kuwe ngalokho ukuba ngikumise ube yisikhonzi nofakazi walokhu kungibona kwakho nowalokhu engizakuzibonakalisa kuwe ngakho,
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Sukuma ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakele kuwe ukuze ngikubeke ube yisikhonzi nofakazi walokhu, wokuthi ungibonile nowalokho engizakuzibonakalisa kuwe ngakho.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakale kuwe ngalokho ukuba ngikwenze ube yisikhonzi nofakazi walezi zinto ozibonileyo nowalezo zinto engizakuzibonakalisa kuwe ngazo;