Acts 5:21 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kwathi sebezwile, bangena ethempelini ekuthatheni kokusa, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye, babizela ndawonye umphakathi nezigele zonke zabantwana bakwa-Israyeli, bathumela endlini yeziboshwa ukuba balethwe.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Sebezwile, bangena ethempelini entathakusa, bafundisa. Kepha kwafika umphristi omkhulu nayehamba nabo, babizela ndawonye umkhandlu namalunga wonke abantu bakwa-Israyeli, base bethumela ejele ukuba balethwe kubo.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Sebezwile bangena ethempelini ekuseni kakhulu, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye, babizela ndawonye umkhandlu nawo onke amadoda amakhulu abantwana bakwa-Israyeli, bathumela etilongweni ukuba balethwe.