Deuteronomy 16:15 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Izinsuku eziyisikhombisa uyakumgcinela uJehova uNkulunkulu wakho umkhosi endaweni uJehova ayakuyikhetha, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kuzo zonke izithelo zakho nasemsebenzini wonke wezandla zakho, uthokoze kakhulu.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Uyogcina umkhosi kuSimakade uNkulunkulu wakho izinsuku eziyisikhombisa, endaweni uSimakade ayoyikhetha, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uyokuwubusisa wonke umkhiqizo wakho, nawo wonke umsebenzi wezandla zakho, uthokoze kakhulu.