Deuteronomy 17:16 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha akayikuzandisela amahhashi, angabuyiseli abantu eGibithe, ukuze andise amahhashi, ngokuba uJehova ushilo kini, wathi: ‘Anisayikubuyela ngaleyo ndlela.’
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kodwa akumele abe namahhashi amaningi, futhi angababuyiseli abantu eGibhithe, ukuze athole amahhashi amaningi. Ngokuba uSimakade ushilo kini, wathi: ‘Anisayukubuyela ngaleyo ndlela.’