Deuteronomy 2:30 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe, wenza ukuba ibe nenkani inhliziyo yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kodwa uSihoni, inkosi yaseHeshibhoni, akasivumelanga ukuba sidabule ezweni lakhe, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho wawenza lukhuni umoya wakhe, wamenza waba nenkani enhliziyweni yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.