Deuteronomy 20:19 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“Nxa uvimbezela umuzi isikhathi eside ngokulwa nawo ukuba uwuthathe, awuyikuyichitha imithi ngokuyigalela ngezembe, ngokuba ungadla kuyo; ungayigawuli, ngokuba umuthi wasendle ungumuntu yini ukuba uvinjezelwe nguwe na?
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“Uma uvimbezela umuzi isikhathi eside ulwa nawo ukuze uwudle, awuyukuzicekela phansi izihlahla ngokuzigawula ngezembe, ngokuba uyakudla kuzo; ungazigawuli, ngokuba isihlahla sasendle singumuntu yini ukuba ungaze usihlasele, na?