Deuteronomy 23:20 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Umfokazi ungamtsheleka ngenzalo, kepha umfowenu awuyikumtsheleka ngenzalo ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke obeka isandla sakho kukho ezweni ongena kulo ukulidla.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Umfokazi ungamtsheleka bese ufuna inzalo, kodwa umfowenu awuyukumtsheleka bese ufuna inzalo ukuze uSimakade uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke obeka kukho isandla sakho ezweni ongena kulo, ukulidla.