Deuteronomy 24:19 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“Nxa uvuna isivuno sakho ensimini, ukhohliwe isithungu ensimini yakho, ungabuyeli ukusilanda, kepha asibe ngesomfokazi, nesentandane, nesomfelokazi ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wezandla zakho.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“Uma uvuna isivuno sakho ensimini, bese ukhohlwa yisithungu ensimini yakho, ungabuyeli ukuyosilanda, kodwa masibe ngesomfokazi, intandane, nomfelokazi ukuze uSimakade uNkulunkulu wakho akubusise kuyo yonke imisebenzi yezandla zakho.