Deuteronomy 24:4 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
indoda yakhe yokuqala eyamxoshayo mayingabuyi imthathe abe ngumkayo emva kokuba esoniwe, ngokuba lokho kuyisinengiso phambi kukaJehova; awuyikwenza ukuba izwe uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho lonakale.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
indoda yakhe yokuqala eyamxosha ayikwazi ukubuyela kuye imthathe futhi abe ngumkayo, ngokuba usengcolisekile ngale ndlela, lokho kuyisinengiso phambi kukaSimakade. Awuyukwenza ukuba izwe uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho, libe necala.