Deuteronomy 29:18 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela namuhla uJehova uNkulunkulu wethu ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, kube phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nomhlonyane;
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela uSimakade uNkulunkulu wethu namuhla ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, bese kuba khona phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nokubabayo,