Deuteronomy 31:7 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UMose wambiza uJoshuwa, wathi kuye emehlweni abantu bonke bakwa-Israyeli: “Qina, ume isibindi, ngokuba uyakuhamba nalaba bantu, uye ezweni uJehova afunga koyise ukubanika lona; wena uyakwenza ukuba balidle ifa lalo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UMose wambiza uJoshuwa, bebuka bonke abantu bakwa-Israyeli, wathi kuye: “Qina, ume isibindi, ngokuba uyakuhamba nalaba bantu uye ezweni uSimakade afunga kokhokho babo ukubanika lona. Nguwena oyakwenza ukuba balidle ifa lalo.