Deuteronomy 8:3 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana* obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungayazi, nababengayazi ngisho okhokho bakho ukuze akwenze wazi ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngakho konke okushiwo nguSimakade; yilokho umuntu aphila ngakho.