Ecclesiastes 2:3 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngaphenya enhliziyweni yami ukuba ngiyakuthokozisa kanjani umzimba wami ngewayini, inhliziyo ingihole nokho ngokuhlakanipha, nokuba ngibambe ubuwula, ngize ngibone ukuthi kuyini okuhle kumadodana abantu ukuba akwenze phansi kwezulu ezinsukwini zonke zokuphila kwawo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngacabanga enhliziyweni yami ukuthi ngingazithokozisa kanjani ngewayini, ingqondo yami ibe iholwa ngukuhlakanipha, ukuze ngikwazi ukubamba ubuwula, ngize ngibone okuhle abantu abakwenza phansi komthunzi welanga ngezinsukwana zokuphila kwabo.