Esther 2:12 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Lapho kufika isikhathi sezintombi ngezintombi sokuba zingene enkosini u-Ahashiveroshi emva kokuba kwenziwe kuzo njengomthetho wabesifazane izinyanga eziyishumi nambili ngokuba zagcwaliswa kanjalo izinsuku zokuqholwa kwazo, izinyanga eziyisithupha ngamafutha emure* nezinyanga eziyisithupha ngamakha nangezinto zokuqhola abesifazane
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ukucolwa kwabesifazane kwakuvamise ukuthatha isikhathi esingunyaka. Izinyanga eziyisithupha zokuqala, owesifazane wayegcotshwa ngamafutha emure, kuthi ngezilandelayo aqholwe ngamafutha ebhalisamu. Uma sekwenziwe lokho, intombi ngayinye yayithathwa ingeniswe enkosini u-Ahasheveroshi.