Esther 2:15 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Lapho sesifikile isikhathi sika-Esteri, indodakazi ka-Abihayili, uyisekazi kaMoridekayi omthathe ukuba abe yindodakazi yakhe sokuba angene enkosini, akafunanga lutho, kuphela lokho akushoyo uHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane. U-Esteri wafumana umusa emehlweni abo bonke abambonayo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Laze lafika nethuba lika-Esteri indodakazi ka-Abhihayili, umfowabo kaMoridekhayi. UMoridekhayi wayemkhulise kwangathi yindodakazi yakhe. U-Esteri akazange acele lutho ngaphandle kwalokho uHegayi, umthenwa owayephethe, ayethe akakusebenzise. Bonke ababembona babethatheka ngubuhle bakhe.