Esther 3:13 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Izincwadi zathunywa ngesandla sezigijimi ezifundeni zonke zenkosi ukuba kuchithwe, kubulawe, kubhujiswe abaJuda bonke, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye, ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari, impahla yabo ibe yimpango.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Lezo zincwadi zanikwa izigijimi, zathunyelwa kuzo zonke izifundazwe zenkosi. Umyalelo wawuthi kumele kubulawe bonke abaJuda, abancane nabadala, nezinsana nabesifazane, ngalusuku lunye okwakungolwe-13, ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari, nempahla yabo ibe yimpango.