Esther 3:4 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kwathi zikhuluma kuye imihla ngemihla, engazilaleli, zamtshela uHamani ukuba zibone ukuthi amazwi kaMoridekayi ayakuma yini, ngokuba wayezitshelile ukuthi ungumJuda.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Nanxa zazikhuluma naye nsuku zonke zimbuza, uMoridekhayi akazange azilalele. Zase zihamba zayotshela uHamani ukuze zizwe ukuthi uMoridekhayi uzoma yini emazwini akhe okuthi ungumJuda.