Esther 3:8 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UHamani wathi enkosini u-Ahashiveroshi: “Kukhona isizwe esithile esihlakazekile, sisakazekile phakathi kwabantu bezifunda zonke zombuso wakho; nemithetho yaso yahlukene neyezizwe zonke; futhi asigcini imithetho yenkosi; ngalokho akufanele ukuba inkosi isiyeke.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UHamani wayesethi enkosini u-Ahasheveroshi: “Kukhona isizwe esithile esihlakazakele kuzo zonke izifundazwe zombuso wakho, sinemithetho eyehlukile kweyezizwe zonke. Siyishaya indiva imithetho yombuso wakho. Akulungile ukuba inkosi isiyeke siqhubeke.