Esther 4:11 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi bonke abesilisa nabesifazane abeza enkosini egcekeni elingaphakathi bengabizwanga, kukhona umthetho munye ngabo wokuba babulawe, ngaphandle kwalowo inkosi eyakwelulela kuye intonga yegolide ukuba aphile; kodwa mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini ngalezi zinsuku ezingamashumi amathathu.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“Zonke izikhulu zenkosi nalezo ezihlala ezifundazweni ziyazi ukuthi noma ngabe ngowesilisa noma ngowesifazane ongena egcekeni lenkosi elingaphakathi engabiziwe yiyo, ubhekana namthetho munye ofanayo wokuba abulawe, ngaphandle uma inkosi imkhombe ngentonga yayo yegolide, lowo angaphila. Kodwa mina ayingibizile inkosi kulezi zinsuku ezingama-30.”