Esther 4:8 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wamnika futhi impinda yomthetho olotshiweyo owashaywa eShushani wokuba babhujiswe, ukuze amtshengise yona u-Esteri, amtshele ngayo, amyale ukuba angene enkosini ukunxusa kuyo, acelele abantu bakhe phambi kwayo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UMoridekhayi wamnika ifuzela lesimemezelo esasibhalwe sakhishwa eShushani ukuba kubhujiswe abaJuda, ukuze alikhombise u-Esteri, bese emyala ukuthi aye enkosini ayonxusela abantu bakubo.