Esther 6:9 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
isambatho nehhashi makunikezwe esandleni sesinye sezikhulu ezidumileyo ukuba zimembathise lowo muntu inkosi ethanda ukumdumisa, zimkhwelise ehhashini esigcawini somuzi, zimemeze phambi kwakhe ngokuthi: ‘Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.’ ”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
bese kuthi esinye sezikhulu zakho eziqavile, simgqokise ingubo lowo muntu inkosi efuna ukumdumisa, simgibelise ehhashini, simhole siye naye eshashalazini lomuzi. Uma sesifike lapho siyomemezela, sithi: ‘Kuyokwenziwa kanje kumuntu inkosi efuna ukumdumisa!’ ”