Esther 8:13 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Impinda yokulotshiweyo yanikwa ukuba ibe yisimemezelo ezifundeni zonke, kumenyezelwe kubantu bonke ukuba abaJuda bazilungiselele lolo suku, baziphindisele ezitheni zabo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ifuzela lalowo mthetho lalizokhishwa, libe ngumthetho kuzo zonke izifundazwe, laziswe bonke abantu kuleso naleso sizwe, ukuze abaJuda bame ngomumo ngalolo lusuku, bazivikele ezitheni zabo.