Esther 9:28 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
zikhunjulwe lezo zinsuku, zigcinwe ezizukulwaneni ngezizukulwane, emindenini ngemindeni, ezifundeni ngezifunda, emizini ngemizi, lezo zinsuku zePhurimi, zingaphuthi phakathi kwabaJuda, nesikhumbuzo sazo singapheli enzalweni yabo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Lezo zinsuku kufanele zikhunjulwe futhi zigcinwe yizizukulwane ngezizukulwane kuyo yonke imindeni, izifundazwe nemizi. Izinsuku zePhurimi akumele zephulwe phakathi kwabaJuda, nokukhunjulwa kwazo kungapheli phakathi kwezizukulwane zabo.