Exodus 11:3 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UJehova wabapha abantu umusa emehlweni abaseGibithe. Futhi lowo muntu uMose wayemkhulu kakhulu ezweni laseGibithe emehlweni ezinceku zikaFaro nasemehlweni abantu.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
USimakade wabenzela umusa abantu phambi kwabaseGibhithe. Ngaphezu kwalokho uMose uqobo wayeyindoda eqavileyo eGibhithe, naphambi kwezinceku zikaFaro, naphambi kwabantu.