Exodus 15:19 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngokuba amahhashi kaFaro angena elwandle kanye nezinqola zakhe nabamahhashi bakhe, uJehova wabuyisela amanzi olwandle phezu kwabo; kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo ngaphakathi kolwandle.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kwathi ukuba amahhashi kaFaro, nezinqola zempi yakhe, nabagibele amahhashi bangene olwandle, uSimakade wawabuyisela phezu kwabo amanzi olwandle, kodwa abantu bakwa-Israyeli badabula behamba emhlabathini owomileyo.