Exodus 18:22 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Akube yizona ezahlulela abantu ngezikhathi zonke, kulethwe kuwe zonke izindaba ezinkulu; kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwe yizo uqobo, kuze kube lula kuwe, zithwalisane nawe.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Makube yibona abehlulela abantu ngezikhathi zonke; balethe kuwe zonke izindaba ezinkulu, kodwa amacala amancane mawanqunywe yibo, ukuze bawenze ube lula umthwalo wakho, bathwalisane nawe.