Exodus 21:22 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“Uma abantu belwa, balimaze owesifazane okhulelweyo, size siphuphume isisu sakhe, kungaveli enye ingozi kodwa, wohlawuliswa impela njengalokho indoda yomfazi iyakubeka kuye, akhokhe njengesinqumo sabahluleli.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“Uma abantu belwa, balimaze owesifazane okhulelwe, aphuphunyelwe yisisu, kodwa yena angalimali ndawo, lowo muntu uyohlawuliswa njengoba indoda yalowo wesifazane inqumile ukuba ahlawule, ngokwesinqumo sabehluleli.