Exodus 21:29 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha uma inkabi ibizinge ihlaba nangaphambili, futhi lokhu kufakaziwe kumniniyo, engayigcinanga kodwa, inkabi isibulele owesilisa noma owesifazane, leyo nkabi yokhandwa, abulawe nomniniyo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Uma inkabi ijwayele ukugwaza abantu, futhi nomniniyo exwayisiwe ngalokho, kodwa angayibophi, uma-ke ibulala owesilisa noma owesifazane, iyokhandwa ngamatshe, nomniniyo abulawe.