Exodus 22:9 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngezindaba zonke zamacala, eyenkabi, neyembongolo, neyemvu, neyengubo, neyento elahlekileyo, umuntu asho ngayo ukuthi ngeyakhe, indaba yabo bobabili iyakuza phambi kukaNkulunkulu; olahlwa nguNkulunkulu uyakumkhokhela umakhelwane wakhe kuphindwe kabili.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“Emacaleni wonke ombango wempahla, aphathelene nenkabi, imbongolo, imvu, isembatho, noma iyiphi nje enye impahla elahlekile, bobabili ababangayo bayoletha izikhalo zabo kuNkulunkulu. Olahlwa yicala phambi kukaNkulunkulu uyomkhokhela umakhelwane wakhe kuphindwe kabili.