Exodus 32:34 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kalokhu hamba-ke, uhole abantu, uye kuleyo ndawo engakhuluma ngayo kuwe; bheka, ingelosi yami iyakuhamba phambi kwakho; kepha mhla ngibahambela ngiyakuhambela isono sabo kubo.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Hamba manje, uhole abantu ubayise endaweni engakhuluma ngayo kuwe. Uyabona-ke, ingelosi yami izohamba phambi kwakho, kodwa lapho lufika usuku lokubajezisa, ngiyobajezisa ngenxa yesono sabo.”