Exodus 34:10 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wayesethi: “Bheka, ngiyenza isivumelwano; phambi kwabantu bonke bakho ngiyakuzenza izimangaliso ezingazange zenziwe emhlabeni wonke nakusiphi isizwe; bonke abantu okhona phakathi kwabo bayakuwubona umsebenzi kaJehova, ngokuba kuyesabeka lokhu engikwenza kuwe.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Wathi kuMose: “Bheka, ngenza isivumelwano phambi kwabo bonke abantu bakho. Ngiyokwenza izimangaliso phambi kwabo bonke abantu bakho, ezingakaze zenziwe emhlabeni wonke, naphakathi kwezizwe zonke. Bonke abantu enihlala phakathi kwabo bayokuwubona umsebenzi kaSimakade, ngokuba kuyinto eyesabekayo lokhu engizokwenza ngawe.