Exodus 7:19 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UJehova wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Thatha induku yakho, welule isandla sakho phezu kwamanzi aseGibithe, naphezu kwemifula, naphezu kweminonjana yabo, naphezu kweziziba, naphezu kwamachibi amanzi abo onke ukuba aphenduke igazi,’ kube khona igazi ezweni lonke laseGibithe ezitsheni zemithi nasezitsheni zamatshe.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
USimakade wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni uthi: ‘Thatha induku yakho uyelulele phezu kwamanzi aseGibhithe, phezu kwemithombo, naphezu kwemifula, phezu kwamaxhaphozi, namachibi, ukuze amanzi aphenduke igazi. Kuyoba negazi kulona lonke iGibhithe, ngisho nasezitsheni zokhuni nezitsha zamatshe.’ ”