Exodus 8:21 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngokuba uma wenqaba ukuba basuke, bheka, ngizakuthumela kuwe izibawu, nakuzo izinceku zakho, nakubantu bakho, nasezindlini zakho; izindlu zabaseGibithe ziyakugcwala izibawu kanye nomhlabathi ezikuwo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngokuba uma ungabavumeli abantu bami, ngiyothumela izinkumbi zezibawu kuwe, ezincekwini zakho, kubantu bakho, nasezindlini zenu. Ezindlini zabaseGibhithe kuzogcwala izinkumbi zezibawu, ngisho nasezweni abahlala kulo imbala.