Exodus 9:29 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wayesethi uMose kuye: “Nxa sengiphumile emzini, ngizakwelula izandla zami kuJehova; kuyakunqamuka ukuduma, nesichotho asisayikuba khona, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaJehova.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UMose wathi kuye: “Lapho nje ngiphuma emzini ngizokwelulela izandla zami kuSimakade; ukuduma kuzophela, singabe sisehla nesichotho, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaSimakade.