Ezekiel 11:1 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UMoya wangiphakamisa, wangiyisa esangweni lendlu kaJehova lasempumalanga, elibhekene nempumalanga; bheka, ngasesivalweni sesango kwakukhona amadoda angamashumi amabili nanhlanu; ngabona phakathi kwawo uJahazaniya indodana ka-Azuri noPhelathiya indodana kaBenaya, izikhulu zabantu.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UMoya wangiphakamisa, wangiyisa esangweni lendlu kaSimakade elisempumalanga, elibheke ngasempumalanga. Ngasekungeneni kwesango kwakunamadoda angama-25. Ngabona phakathi kwawo noJahazaniya indodana ka-Azuri, noPhelathiya indodana kaBhenaya, abaholi babantu.