Ezekiel 13:18 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kwabesifazane abathungela zonke izindololwane izicamelo, benze imigubuzelo yamakhanda ezimo zonke ukuba bazingele imiphefumulo. Niyakuzingela yini imiphefumulo yabantu bami, nisindise imiphefumulo yenu,
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Uyakuthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Maye kwabesifazane abathunga izigqizo zezihlakala zezandla zabo bonke, benze amaveyili amade emakhanda ezithombe zonke, ukuze bazingele imiphefumulo yabantu. Niyoyizingela yini imiphefumulo yabantu bami, niyilondoloze eyenu imiphefumulo na?