Ezekiel 13:9 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Isandla sami siyakumelana nabaprofethi ababona okuyize nababhula amanga; abayikuba semkhandlwini wabantu bami, bangalotshwa encwadini yendlu yakwa-Israyeli, bangangeni ezweni lakwa-Israyeli, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Isandla sami siyakumelana nabaphrofethi ababona okuyize nababhula amanga. Abayukuba semkhandlwini wabantu bami, ngeke balotshwe encwadini yendlu yakwa-Israyeli, futhi abayukungena ezweni lakwa-Israyeli, niyakukwazi ukuthi Mina ngiyiNkosi uSimakade.