Ezekiel 17:6 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Yamila, yaba ngumvini owenabayo, omfushane ngesimo, ukuze amagatsha awo abhekane nalo, nezimpande zawo zibe phansi kwalo; waba ngumvini-ke, waveza amagatsha, wakhipha amahlumela.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Yamila yaba ngumvini owenabayo, nokho omfushane, ukuze amagatsha awo abheke ngakuwo, nezimpande zawo zibe phansi kwawo. Waba ngumvini-ke, waba namagatsha, kwavela amahlumela.