Ezekiel 20:13 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“ ‘Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; abahambanga ngezimiso zami, balahla izahlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; amasabatha ami bawona kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo ehlane ukuba kubaqede.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“ ‘Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; ayihambanga ngezimiso zami, yazilahla izehlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; amasabatha ami yawangcolisa kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ulaka lwami phezu kwabo ehlane, ngibaqothule.