Ezekiel 20:21 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“ ‘Kepha abantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abagcinanga izahlulelo zami ukuba bazenze, umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; bawona amasabatha ami; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo ehlane.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“ ‘Kepha nabantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abazigcinanga izehlulelo zami ukuba bazenze ukuze umuntu aphile ngazo; bawangcolisa amasabatha ami, ngase ngithi ngizakuthululela intukuthelo yami kubo, ngiphelelise ulaka lwami phezu kwabo ehlane.