Ezekiel 20:28 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Lapho ngangibangenise ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, bebona amagquma onke aphakemeyo nayo yonke imithi edumbileyo, bese benikela khona ngemihlatshelo yabo, banika khona isicunulo somnikelo wabo, babeka lapho iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
ngesikhathi sengibangenise ezweni engangifungile ukuthi ngiyobanika lona. Kwathi lapho bebona amagquma aphakemeyo nazo zonke izihlahla ezinamacembe, base benikela lapho ngemihlatshelo yabo, bangichukuluza ngeminikelo yabo, benza lapho kwaba nephunga elimnandi, bathululela lapho iminikelo yokuphuzwayo.