Ezekiel 20:31 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ekuletheni iminikelo yenu nasekudabuliseni amadodana enu emlilweni niyazingcolisa ngazo zonke izithombe zenu kuze kube namuhla. Mina ngiyakubuzwa yinina, nina ndlu yakwa-Israyeli, na? Qha, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Lapho niletha iminikelo yenu, nidabulisa amadodana enu emlilweni, niyazingcolisa ngazo zonke izithombe kuze kube namuhla. Niyakubuza kimi yini, nina ndlu ka-Israyeli na? Qha, ngifunga ngiyagomela, ngeke ngibuzwe yini,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.