Ezekiel 25:3 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
uthi kubantwana bakwa-Amoni: ‘Zwanini izwi leNkosi uJehova; isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba wathi ashila ngendlu yami engcwele lapho yangcoliswa, nangezwe lapho lachithwa, nangendlu yakwaJuda lapho beya ekuthunjweni,
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
uthi kubo: ‘Zwanini izwi leNkosi uSimakade. Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngokuba wathi ashila kuyo indlu yami engcwele lapho ingcoliswa, nakulo izwe lakwa-Israyeli ngesikhathi lenziwa incithakalo, nakuyo indlu yakwaJuda lapho beya ekuthunjweni,