Ezekiel 29:18 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“Ndodana yomuntu, uNebukadinesari inkosi yaseBabele wasebenzisa impi yakhe umsebenzi omkhulu ngeTire; onke amakhanda aphuculwa, onke amahlombe acothulwa, nokho yena nempi yakhe babengenankokhelo evela eTire ngomsebenzi abalenzela wona.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“Ndodana yomuntu, uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wawasebenzisa kanzima amabutho akhe ngesikhathi emelene neThire. Wonke amakhanda enziwa izimpandla, namahlombe wonke aklunyulwa, kodwa yena namabutho akhe abakhokhelwanga lutho ngomsebenzi wabo wokuhlasela iThire.