Ezekiel 31:15 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngosuku owehlela ngalo endaweni yabafileyo ngalwenza utwa ukuba lulile, ngalusibekela, ngavimba imifula yalo, namanzi amaningi avalelwa; ngalenza iLebanoni libe mnyama ngenxa yawo; imithi yonke yasendle yadangala ngenxa yawo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngosuku owehlela ngalo endaweni yabafileyo, ngenza ukuba izinzulu ziwulilele, ngawusibekela, ngavimba imifula yalo, namanzi amaningi awangageleza. ILebhanoni ngalifaka inzilo ngenxa yawo; imithi yonke yasendle yadangala ngawo.