Ezekiel 32:10 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngiyakwenza ukuba abantu abaningi bamangale ngawe, amakhosi abo aqhakanyeke, lapho ngisikaza ngenkemba phambi kwawo, aqhaqhazele imizuzwana yonke, kube yileyo naleyo ngokuphila kwayo ngosuku lokuwa kwakho.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngiyakwenza ukuba abantu abaningi bamangale ngawe, amakhosi abo agedezele wuvalo lapho ngisikaza ngenkemba yami phambi kwawo. Ngosuku lokuwa kwakho, yileyo naleyo iyakuthuthumela umzuzu nomzuzu ngenxa yempilo yayo.